Study & Master IziBalo Incwadi Yomfundi Ibanga loku-1

IziBalo i-Study & Master yizincwadi zeZinga eliPhansi ezibhalwe yithimba lababhali abangongoti, ukuqinisekisa ukuthi imigomo yesiTatimende seNqubomgomo yoHlelo lweziFundo nokuHlola lukaZwelonke (CAPS) ifezeke ngokuyiko.

R139.00

Out of stock

Description

IziBalo i-Study & Master yizincwadi zeZinga eliPhansi ezibhalwe yithimba lababhali abangongoti, ukuqinisekisa ukuthi imigomo yesiTatimende seNqubomgomo yoHlelo lweziFundo nokuHlola lukaZwelonke (CAPS) ifezeke ngokuyiko. Lolu hlelo olusha nokulula ukulusebenzisa alusizi kuphela abafundi ukuthi bathole ulwazi kanye namakhono anqala afundwa kulesi sifundo, kodwa futhi lubanika okuyisona sisekelo abazokwazi ukwakhela phezu kwaso ulwazi lwezibalo. IziBalo i-Study & Master yizincwadi ezakhiwe yilezi zingxenye ezingumongo: Incwadi Yomfundi ephelele inalokhu: imisebenzi ehambisana namazinga okufunda kwabafundi, ethuthukisa amakhono abafundi nokuqonda kwabo kuleyo naleyo mikhakha ebekwe emqulwini we-CAPS, izibonelo ezihambisana nolwazi abanalo abafundi. Incwadi Yokusebenzela enqala iqukethe lokhu: amakhasi okusebenzela anele, ukugxilisa imisebenzi okufundwe ngayo futhi eyenziwe eNcwadini Yomfundi, imisebenzi ehlose ukukhulisa amakhono okuhambisana kokunyakaza kwemisipha yomzimba kumfundi. Incwadi Kathisha ubandakanya lokhu: imisebenzi eyengeziwe yaseklasini ehlelelwe ukwethula nokugxilisa imisebenzi eyenziwe eNcwadini Yomfundi kanye naseNcwadini Yokwenzela, amathiphu okufundisa kanye nokwesekwa kwabafundi ekwenzeni imisebenzi esezincwadini zokufunda, ukwelekelelwa kwabafundi uma benza imisebenzi yeklasi lonke, imisebenzi yamaqembu kanye nemisebenzi abayenza ngabodwa, amakhasi okurekhoda afothokhophekayo kanye nezinhlaka ezinemininingwane ezifothokhophekayo.